Imvume yokushintshisana ingakhishwa kumuntu wangaphandle obamba iqhaza kwezokushintshisana kuhlelo lwezamasiko, ezonomnotho nezenhlalisano yabantu, olugqugquzelelwa noma oluphethwe yinhlangano yangaphandle noma umkhakha wumbuso, noma umkhakha wesikhungo semfundo ephakeme ngokuhambisana nomkhakha kahulumeni wangaphandle. Yenza isicelo semvume yokushintshisana kwinxusa yaseNingizimu Afrika noma kwi-mission eseduzane nawe.
Gcwalisa ifomu le-BI-1738.
Fakela ipasipoti yakho kanye nesicelo.
Khipha incwadi ye-entity, yenhlangano, noma umndeni lapho ofuna ukuyokwenza khona uhlelo eNingizimu Afrika, eqinisa isimo noma ubukhona balolo hlelo lokushintshisana. Incwadi kumele ibe wubufakazi bokuthi ukufanele ukubhalisela noma ukubamba iqhaza kuhlelo, kanti futhi kumele kukhombise ukuthi i-entity, inhlangano noma umndeni uzobhekana nawe ngesikhathi uhlezi eNingizimu Afrika.
Ukuthola incwadi evela kumkhakha kahulumeni ofanele noma ovela kwinhlangano esekelayo ezweni lakini, eqinisa isimo noma ubukhona bohlelo lokushintshisana neNingizimu Afrika kanye neqiniso lokuthi wamukelwe ukubhalisa kuhlelo.
Isicelo sithatha izinsuku zokufinyelela kwezingu-30.
